Usafanelwe yisikhundla uCele - ANC

2012-06-18 13:55
Yabelani Shicilela

Durban - Amalungu e-African National Congress akumele abambele uMengameli uJacob Zuma izinhliziyo ezibuhlungu ngesinqumo asithathe ngoBheki Cele, ngoba uCele namanje usayilungu elinekusasa eliqhakazile kwezombusazwe.

Lawa ngamazwi ePhini likaSihlalo weqembu eKZN uWillies Mchunu, awasho ngesikhathi ekhuluma kuvulwa umhlangano weqembu  wezinsuku ezimbili.

UMchunu utshele amalungu ahambele umhlangano wathi umbiko webhodi likaJaji Moloi awumenzi uCele angamukeleki kwezombusazwe.

UMchunu uvule umhlangano ngokuncoma uCele echaza ukuthi abonakele amagalelo akhe kwezombusazwe wezwe.

Ube esecela abantu ukuthi babe nokubekezela wathi uCele uyingxenye ebalulekile yeqembu.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- The Witness

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Partly cloudy. Cool. Pta: 6-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-24°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...