Usaba ukudlwengulwa ugogo ongaboni

2012-10-04 12:03

Durban - Ugogo oyimpumputhe wasoGunjini ngaseNdwedwe uthi uhlala njalo esaba ukuthi angase adlwengulwe njengoba kuqale umkhuba wokudlwengulwa kogogo.

Ugogo, 66, uhlala nabazukulu bakhe ababili, umuzi abahlala kuwo ubhodloke udonga, sekuze kwafakwa ingubo yokulala.

Ugogo ukhulume nephephandaba iDaily Sun wathi ngemuva kokuzwa ngezehlakalo eziningi zokudlwengulwa kwabantu abadala, naye akasabulali ubuthongo.

Uthe unovalo lokuthi bangase bahlaselwe njengoba bengabantu besifazane bonke.

“Ngizizwa ngingaphephile kulo muzi. Izigcwelegcwele ziphithiza emigwaqeni kule ndawo,” echaza.

“Angikwazi ukwakha indlu engcono, umholo wami awungivumeli. Kungekudala kuhlaselwe omakhelwani bami bakhonjwa ngemimese, ngiyafisa kube khona ongizwelayo.”

Ikhansela kwa-ward 59 uNondumiso Ndlovu uthe ubengakaze ezwe lutho ngalo mndeni, uthe nakanjakani uzowuvakashela wathi bazimisele ngokusiza abantu asebekhulile.


 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered clouds. Mild. Pta: 17-25°C a few tstorms. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-18°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-21°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-24°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 17-20°C Showers early. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...