Uqoke ongqongqoshe abasha uZuma
2012-10-03 16:39
Johannesburg - UNgqongqoshe woMnyango wezeSayensi nezobuChwepheshe uNaledi Pandor, useqokwe nguMengameli Jacob Zuma njengoNgqongqoshe omusha woMnyango wezaseKhaya, kusho iHhovisi likaMengameli ngoLwesithathu.
Iphini likaNgqongqoshe woMnyango wezeSayensi uDerek Hanekom, uzongena kwesikangqongqoshe.
"Ngihalalisela uPandor noHanekom ngezikhundla zabo ezintsha," kusho isitatimende sikaZuma.
"Basebenze ngokuncomekayo ezikhundleni ekade bekuzo, ngiyabathemba kakhulu ukuthi bazoqhubeka nokusebenza kahle. Ngibafisela inhlanhla."
Loyo obekade enguNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya uNkosazana Dlamini-Zuma, washiya isikhundla sakhe ngemuva kokuqokelwa leso sokuba nguSihlalo we-African Union, e-Addis Ababa, e-Ethiopia.
UHanekom uzofungiswa ngokusemthethweni ngoLwesine.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).