Uqhuba kahle uMandela
2013-01-04 13:07
Johannesburg - Umzukulu waloyo owabe enguMengameli wezwe uNelson Mandela, uthi uTata uqhuba kahle kakhulu empilweni, kubika i-Eyewitness News.
UMadiba uyalulama ngemuva kokuhlala esibhedlela amasonto amathathu egulisa isifo esihlobene namaphaphu, uthole ukuhlinzwa ngodokotela.
UMandla Mandela utshele abezindaba ze-AFP wathi umkhulu wakhe uyalulama, wase ebonga abantu baseNingizimu Afrika ngokumbeka emikhulekweni.
Ngesonto eledlule omunye umzukulu uZenani Mandela-Dlamini, naye wancoma ukululama kukaMadiba
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24