Uphume ngembobo yenalilti iloli lingena endlini

2013-01-18 14:07

Pietermaritzburg - Owesifazane waseMgungundlovu uphume ngembono yenaliti ngesikhathi iloli lishayisa umuzi abewugadile ngoLwesihlanu ekuseni, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.

"Iloli belizihambela lingashayelwa muntu ngesikhathi kudedeleka amabhuleki, umshayeli walo esangene enxanxatheleni yezitolo," kusho okhulumela amaphoyisa uJoey Jeevan, etshela abezindaba zeNews24.

Iloli lishelele laze layobhajwa endlini.

"Iloli licishe langena ngapha laphuma ngale," kusho okhulumela abakwa- ER24 uDerrick Banks, othe lingene ngasekhishini lagcina ngasegumbini lokuphumula.

Abanikazi bomuzi kubikwa ukuthi bavakashele edolobheni laseKapa, umuzi ubishiywe ezandleni zowesifazane oneminyaka engu-20 ubudala.

Lona uthi ubone iloli liza liqonde ngqo, wase ebalekela kwelinye igumbi, ube esengeniswa esibhedlela.

Sekuvulwe icala lokushayela budedengu.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...