Uphume ngebheyili umfundi ngelokubulala

2012-11-29 14:05
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umfundi wase-East Rand owenza u-Grade 11 osolwa ngokudubula abulale omunye umfundi ngoba emhlupha, uthole ibheyili ka-R1000 eNkantolo yeMantshi eBoksburg ngoLwesine.

UTsundzukani Mthombi, 18, kusolwa ukuthi wadubula wabulala omunye umfundi owayenza u-Grade 10 uNkululeko Ndlovu, 18, ekilasini esikoleni ePhineas Xulu Secondary School.

Umama kaNdlovu kanye no-anti wakhe bakhihle esikaNandi ngesikhathi inkantolo ilalele ukuthi uMthombi wasithatha kanjani isibhamu sikamama wakhe.

UWarrant Officer Isaac Mashishi, ongumseshi, utshele inkantolo ukuthi uMthombi wantshontsha isikhiye se-safe esikhwameni, wayivula, wathatha isibhamu, wabe esesibuyisela khona esikhwameni esikhiye. Umama wakhe uyiphoyisa likamasipala.

"Wathatha isibhamu sikamama wakhe. Lokho kusho ukuthi wabe ekuhlelile ukubulala," kusho uMashishi.

Uthe uMthombi kusolakala ukuthi wahlaselwa yiqeqebana labafana elinde ibhasi ngosuku olwandulela olwesehlakalo sokudubula.

"Bamhlasela emile elinde ibhasi, ngemuva kwalokho bamjaha ngesikhathi esebaleka."

Esitatimendeni, kwathiwa labo bafana ababemhlaselile ngosuku lwangayizolo baphinda ngakusasa bayomhlasela esekilasini.

UMthombi wadubula wageja okokuqala, okwesibili washaya enyameni wafa uNdlovu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-17°C Sunny. Mild. Bloem: 6-16°C Mostly sunny. Cool.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Passing showers. Clearing skies. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...