Uphoxiwe KwaSwayimane uMazibuko
2013-02-05 10:03
Johannesburg - Umholi weDemocratic Alliance ePhalamende, uLindiwe Mazibuko, uvinjiwe emizamweni yakhe yokuvakashela ugogo, 82, waKwaSwayimane, KwaZulu-Natal, owadlwengulwa.
Iphephandaba iThe Times, likhiphe lo mbiko ngoLwesibili, lithi iqulu labantu abalinganiselwa ku-25, ebeliphethe izinto zokusebenza engadini livimbe uMazibuko.
Iqulu beliphethe izinto ezihlanganisa amageja, amafosholo, izimfologo, nezizenze.
Laba kuthiwe bebenika umphakathi amaphepha agqugquzela ukuthi akuxoshwe uMazibuko nabhelwe kanje: "Go die DA and your money, we don't want your help" okusho ukuthi "Hamba uyofa DA nemali yakho, asiludingi usizo lwakho".
Ikhansela le-African National Congress ewadini, uMduduzi Goba, uchaze lokhu kuvakasha kukaMazibuko wathi kuyindelelo.
Omunye usopolitiki ohlobene nogogo, unqabele abe-DA ukuthi bangene emzini kagogo.
"I-DA ayizange ifike ngesikhathi esanda kudlwengulwa ezinyangeni eziyisikhombisa ezindlule. Ngoba nakhu eseqala ukululama sebeyabuya bazomvusela amanxeba, i-DA izama ukuzokhankasa," kusho isihlobo.
UMazibuko udlulele esiteshini samaphoyisa esiseduze wafike wavula icala lokusatshiswa, evulela i-ANC.
UNobhala we-ANC esifundeni uSupa Zuma, ukuphikile ukuthi amalungu e-ANC avimbe amalungu e-DA.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA