Uphinde wakhala ngaphansi uKFC

2012-08-24 08:13

Durban - Isitolo esidayisa inyama echochombisiwe, uKFC, kudingeke ukuthi usihoxise isexwayiso sokugcina ebesinikezwe umsebenzi wasesitolo esikuMaxwell Street, eMpangeni ngokungenisa ukudla okungenayo i-halaal emagcekeni esitolo.

UBheki Shabane, nonguNobhala we-United Chemical Industries Mining, Electrical, State, Health and Aligned Workers’ Union eKZN uthe icala elifakwe nguSfikile Nokuthula Buthelezi kwabeCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA), nebelihlehlelwe ukuqulwa ngoSepthemba 4, ngeke lisathethwa.

UButhelezi wafaka isikhalazo kuCCMA emuva kokujeziselwa ukungena eKFC nokudla ayekuthenge esitolo esingumakhelwane.

UJabulane Cele, 31, waba ngowokuqala ukuphumela obala ngale nkinga ababhekene nayo kulesi sitolo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-23°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-22°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...