Uphinde waboshwa owakhishwa ngoshwele
2012-07-16 08:17
Andile Ngubane, Daily Sun
Durban - Lo wesilisa wanikezwa ithuba lesibili empilweni lokuguqula impilo yakhe ngesikhathi enikezwa ushwele kamengameli, kodwa akuphelanga nenyanga njengoba esephinde waboshwa, kubika iDaily Sun.
Le ndoda, 23, yaseVerulam iboshelwe ukugqekeza umuzi oseMount Moreland yase ivela enkantolo ngomhlaka-10 Julayi.
- Daily Sun