Uphinde waboshwa ngelokubulala uyise

2012-11-21 10:01

Pietermaritzburg - Indoda, 29, eyabekwa icala lokubulala uyise ivele kancane eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu, kulandela ukuhoxiswa kwaleli cala emasontweni amabili edlule.

UThabani Ngubane, wakwaMnyandu endaweni yaseVulindlela, uzofaka isicelo sebheyili ngoNovemba 30.

UNgubane usolwa ngokubulala uyise, uSkhwebu Allan Ngubane, 68, kulandela ingxabano ababa nayo ngo-Okthoba 29.

Kuthiwa uNgubane omdala wangenelela ngesikhathi indodana yakhe ishaya ngempama umzala wayo, neyabe isimdubula.

Indodana yaboshwa yase iphinde iyadedelwa ngemuva kokuhoxiswa isikhashana kwaleli cala.

Iphinde yaboshwa ngempelasonto.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UZuma uqoke usihlalo omusha we-SAHRC

Emizuzwini eyi-37 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 17-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 13-34°C Sunny. Extremely hot.
Dbn: 18-28°C Morning clouds. Warm. PE: 17-29°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...