Uphenduke udlame umhlangano we-ANC

2012-11-14 10:03

Johannesburg - Iqembu labantu ebelihlomile lingene ngo dli lapho obekuqhubeka khona umhlangano wegatsha le-ANC eKurhuleni lasabisa ngokudubula labo abangahambisani noMengameli Jacob Zuma, kubika iThe Star ngoLwesithathu.

Ozibonele ngawakhe, uSbongile Ntlonti, uthe abesilisa abayisishagalolunye kanye nowesifazane oyedwa, basabise amalungu egatsha eRondebult, ngaseSpruitview.

Lokhu bakwenze ngoba kukholakala ukuthi kukhona abafuna ukuphakamisa iPhini likaMengameli uKgalema Motlanthe kube nguye uzohola iqembu, hhayi uZuma.

Leli qembu eliseka uZuma lithe lingamalungu e-ANC, ngaphansi koMkhonto weSizwe Military Veterans' Association.

Okhulumela uKhongolose eGauteng, uNkenke Kekana, usiqinisekisile lesi sigameko ephephandabeni iThe Star wabe esethi kuzophenywa.

"Sibe sesiluleka amalungu ukuba avule icala ngalokhu kwesatshiswa," kusho uKekana ephephandabeni.

I-ANC izokhetha ubuholi obusha eMangaung eFree State ngoDisemba.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...