Uphele kabi umhlangano we-ANC e-E Cape
2012-11-06 08:16
Johannesburg - Umhlangano wegatsha le-ANC e-Eastern Cape uphele kabi sekujikijelwana ngezihlalo kwaze kwalimala abantu, kusho umbiko weDispatch Online ngoLwesibili.
Igatsha laku-Ward 28, elibandakanya iGonubie neBeacon Bay, ligcine lidube umhlangano ngemuva kokulinda amahora ayisishiyagalombili ngeSonto.
Ilungu lekomidi eliphezulu le-African National Congress eQinirha uThulani Mthwa uthe kufike amalungu angu-46 kuphela kwangu-147
abelindelekile kulo mhlangano.
Kulo mhlangano bekukhona lowo oyilungu lekomidi eliphezulu kuMasipala iBuffalo City uMbulelo Nkonzo noSihlalo uZukisa Faku.
Kuthe uma kumenyezelwa ukuthi uyahlehla umhlangano, kwakhona oshaya uNkonzo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA