Uphekwe ngobhojwana uPhiyega

2012-10-18 12:02
Yabelani Shicilela

Cape Town - UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uRiah Phiyega uphekwe ngobhojwana okokuqala ngqa ePhalamende, ngesikhathi kuthiwa akaphendule ngezimali zabakhokhi bentela ezisetshenziswa ngamaphoyisa, kubika iNewswatch.

UPhiyega uzwe ukugxekwa kokusetshenziswa kwezimali ngendlela engaqondile kanjalo nokungaqeqeshwa kwamaphoyisa ngokwanele, utshelwe ukuthi ukungaqeqeshwa kwamaphoyisa yikhona okuholela ekutheni ekugcineni amaphoyisa atholakale ethweswa amacala.

Inyuke yafika ku-R15 billion imali esetshenziselwe ukulandela amacala amaphoyisa, esabelweni zimali sangonyaka owedlule.

Ikomidi lipheke uPhiyega ngesibalo samaphoyisa aqeqeshwe ngokuphelele ukuthi angakwazi ukusebenzisa isibhamu, kwakhulunywa nangendaba yamaphoyisa alahlekelwa yizibhamu zawo.

Umbiko uthi okungenani zingu-800 izibhamu ezalahleka ngonyaka owedlule, angu-300 amaphoyisa abekwa amacala, akukakacaci noma agcina ngokuxoshwa yini njengoba kwabe kuthembise uNgqongqshe woMnyango uNathi Mthethwa.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone indoda engozini yeloli

Emizuzwini eyi-16 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...