Uphekwe ngobhojwana owe-Amcu

2012-12-04 16:34

Johannesburg - Ummeli wemindeni eyashonelwa yizihlobo embhikishweni wabavukuzi basemayini iLonmin eMarikana uDumisa Ntsebeza SC, upheke ngemibuzo umengameli wenyunyana i-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu), uJoseph Mathunjwa, embuza ngezikhali ezaziphethwe ngabavukuzi.

Lokhu kuqhubeke ngaphambi kweKhomishana kaFarlam, ehleli eRustenburg, uNtsebeza uveze ukuthi imindeni isola amaphoyisa ngokubulawa kwezihlobo zayo.

Ubuze uMathunjwa wathi: "Ngokwakho abantu abahlome ngezizenze nemikhonto abanalo udlame?"

"Kunjalo impela," kuphendula uMathunjwa.

UMathunjwa ubuzwe ukuthi kungani ayengathukile ngesikhathi ebona abavukuzi behlomile.

"La engiphuma khona, njengoba nje kuwuDisemba, sizobe sihlomile ngezinduku nezikhali ezicijile uma sihambele imicimbi," ephendula.

UNtsebeza ufune incazelo ephelele ngeculo elaliculwa liholwa ngumgqugquzeli we-Amcu uDumisani Nkalitshana, elinezinhlamvu ezithi: "le NUM sizoyibulala kanjani, iNUM siyayizonda."

Ikhomishana iyaqhubeka.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...