Uphekwe ngemibuzo uMathunjwa - Marikana

2012-12-03 16:36
Yabelani Shicilela

Rustenburg - IKhomishana kaFarlam ezama ukuthola ngalokho okwenzekeka emayini iLonmin eMarikana ngesikhathi kudutshulwa abavukuzi, idingide ngokunyamalala kwe-video eveza uMengameli wenyunyana i-Association of Mineworkers and Construction Union, uJoseph Mathunjwa ngesikhathi ekhuluma nabavukuzi.

Ummeli wemayini uSchalk Burger SC, upheke ngemibuzo uMathunjwa, efuna ukwazi ngokuhambela kwakhe abavukuzi, okwabe kungokwesibili.

UBurger ubuze uMathunjwa ukuthi kungani ingaqoshwanga inkulumo yakhe nabavukuzi.

"Ngifuna ukwazi ukuthi kungani ungaqoshwanga umhlangano wesibili? Umbuzo nje lowo olula," kusho uBurger.

UMathunjwa uphendule wathi: "Abezindaba babekhona. Sengike ngabuza ukuthi kungani bengayihambisanga i-video eveza inkulumo yami yesibili."

UMathunjwa uthe wabe esebenzisa umakhalekhukhwini wakhe ukuqopha ezinye izinkulumo aba nazo nababhikishi.

UBurger uphinde wabuza uMathunjwa ukuthi wabe engena kanjani esitelekeni, njengoba ngokwemigomo kwakungafanele i-Amcu ibe yingxenye yezingxoxo.

"Khumbula ukuthi samenywa yiLonmin, yayazi kahle ukuthi asihlangene, Samenyelwani pho?" kuphendula uMathunjwa.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 13-23°C Passing showers. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-18°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 10-21°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-19°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-20°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...