Unyaka wonke epake imoto esikhumulweni sezindiza
2013-01-07 11:01
Johannesburg - Usomabhizinisi waseGoli ukweleta isikhumulo sezindiza i-OR Tambo International Airport, imali elinganiselwa ku-R42 000, njengoba kuthiwa ubepake khona imoto yakhe engayikhokheli.
Umbiko wephephandaba iThe Star uthi uDesmond Grootboom, onemizi eKapa naseGoli, washiya imoto yakhe eyiRenault Clio, esikhumulweni sezindiza, mhlaka-8 Novemba 2011, wase enika umngani wakhe izikhiye zemoto nethikithi.
Umngani kuthiwa walahla ithikithi wangamazisa uGrootboom, imoto ibilokhu ihleli esikhumulweni sezindiza kwaze kwaphela izinyanga ezingu-14.
Kumanje uGrootboom ukweleta abakwa-Airports Company SA, isamba esingu-R42 700, kusho umbiko.
Imoto yaphelelwa yimvume yayo yokuba semgwaqeni, amaphoyisa asesikhumulweni afaka ewindini ithikithi lenhlawulo ka-R500.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).