Unswinyo kwabeSABC ngolwaseNkandla

2012-11-07 08:32

Johannesburg - Abahleli bezindaba kwaSABC bathole i-email ebavimbela ukuthi basebenzise amagama afana no"Nkandlagate" ne"Zumaville" uma bebika ngodaba lwaseNkandla, ngokusho kombiko ngoLwesithathu.

Iphephandaba iThe Star libike ukuthi ibone i-email eyalela abahleli ukuthi umuzi kaMengameli Jacob Zuma "oseNkandla kumele ubizwe ngomuzi kaMnz Zuma oseNkandla, hhayi kuthiwa isemponini noma iliphi elinye igama elifuze leli."

Inhloko yezindaba kuSABC uJimi Matthews utshele iThe Star ukuthi igama elithi "inkomponi" yigama elisetshenziswa ngabantu bakuleli elibhekiswe kubasebenzi abamnyama abasuka emaphandleni, ikakhulukazi abasezimayini.

Kuthiwa lisuka emlandweni wobandlululo.

Okhulumela iSABC uKaizer Kganyago uthe ngeke aze adalule imininingwane yale email, wathi ngenxa yokuthi bangumsakazeli womphakathi akusho ukuthi kumele badalulele umphakathi konke.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-21°C Passing showers. Partly sunny. Mild. Bloem: 14-22°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 20-29°C Rain late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Showers late. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...