Unqunyelwe ukucwiyelwa umuthi - Umndeni
2013-02-05 12:02
Happy Mnguni noGiyani Shivambo, Daily Sun
Johannesburg - Kube yimpelasonto enzima emndenini ka-Emmanuel, 12, ukhulekela ukuthi abuye ephephile, kodwa kujike kwamuncu sebezwa ukuthi kunesidumbu esitholakele ngoMsombuluko.
Besikhishwe amehlo, isitho sangasese nezinye izitho zomzimba.
Yize lesi sidumbu bese sicwiywe singasabonakali kahle, umfowabo kamufi nobekhungathekile, uTshepo Manyane, uthe unesiqiniseko sokuthi isisdumbu lesi ngesikamfowabo.
“Ngiyawubona umzimba wakhe nesitayela asigunde ekhanda ukuthi nguye,” esho etshela iDaily Sun.
“Kodwa amaphoyisa athe azokwenza ulibofuzo ukuqinisekisa ukuthi asingcwabi isidumbu ekungesiso esethu."
NgoLwesithathu, umndeni wathola umyalezo othi umufi, u-Emmanuel Manyane, unyamalale emfuleni iKlip River, eKurhuleni.
Owamaphoyisa uCaptain Mega Ndobe, uthe isidumbu lesi sitholakale buqamama nalapho kubikwa ukuthi umfana lo uduke khona.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Thola
ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola
izindaba zeDaily Sun kuFacebook
- Daily Sun