Unqatshelwe ibheyili uJub Jub
2012-11-07 14:04
Johannnesburg - INkantolo eNkulu eGoli ichithe imizamo yokuthola ibheyili, yomculi olahlwe ngamacala okubulala abafundi uMolemo "Jub Jub" Maarohanye.
UJaji uJ Coetzee uvumelane neNkantolo yeMantshi yaseProtea, wathi uMaarohanye wehlulekile ukuveza izizathu ezanele zokuthi anikwe ibheyili.
"Kuncane kakhulu uma kukhona okuyisizathu sokuthi uMaarohanye anganikwa ibheyili," kusho uCoetzee.
UMaarohanye nomngani wakhe uThemba Tshabalala, batholakala benamacala amane okubulala abafundi, lokhu kwenzeka ngesikhathi kushayisana izimoto zabo behajana emgwaqeni, ngenyanga kaMashi ngo-2010.
Balahlwa ngamacala mhla ziyisithupha ku-Okthoba, kulindeleke ukuthi bagwetshwe ekupheleni kukaNovemba.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA