Unqatshelwe ibheyili owabulala iSulumane

2013-02-26 15:54
Yabelani Shicilela

Johannesburg - INkantolo yesiFunda eKrugersdorp, imqabele ibheyili umsolwa ecaleni lokubulawa kukaMuhammad Fayaaz Kazi, oyiSulumane, nowachwenswa ngentshebe yakhe ngaphambi kokuthi abulawe.

"Umsolwa uhluleke wancama ukuvezela inkantolo izizathu zokuthi anikezwe ibheyili. Inkantolo iyamnqabela ibheyili," kusho iMantshi uReginald Dama.

URoedolf Viviers nomunye umsolwa uZayne van Tonder, 33, basolwa ngokwedelela nokubulala uKazi, owabulawa ehamba nomngani wakhe u-Anser Mahmood.

Ubufakazi buthi abasolwa bagcona umufi ngentshebe yakhe ngesikhathi bethenga inyama eChicken Licken, eMagaliesburg, mhlaka-6 Agasti 2012, kwagcina kuqubuka ingxabano.

Icala likaVan Tonder lagcina ngokuhoxiswa, wase ededelwa.

Ngesikhathi imantshi ikhipha isinqumo, abafowabo bakaKazi uMohammed Nuaman, 22, noMohammed Farhan, 18, bamemeze enkantolo bethi: "Praise Allah", okusho ukuthi Akabongwe u-Allah.

Umsolwa uzophinda abuyele enkantolo mhlaka-4 Mashi, icala lizoqhubeka eNkantolo eNkulu eGoli.





 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 15-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...