Unqatshelwe ibheyili obhekene nawokudlwengula

2012-12-05 16:42

Johannesburg - Linqatshelwe ibheyili ibhungu laseLimpopo elisolwa ngokudlwengula izitshudeni zase-University of Limpopo, kusho amaphoyisa esifundazweni, ngoLwesithathu.

UZacharia Selowa, 22, ubhekene namacala angu-11 okudlwengula, uvele ngaphambi kweNkatolo yesiFunda eMankweng, kusho uConstable Moses Molepo.

"USelowa ubekade ebhekene namacala ayisishiyagalombili, amanye amathathu uwathweswe esevele evalelwe," kusho uMolepo.

Umsolwa uzophindela ngaphambi kwenkantolo mhlaka-25 Mashi ngonyaka ozayo,amacala uzowathetha wonke ngesikhathi esisodwa.

Lona kuthiwa wadlwengula izitshudeni phakathi kuka-2010 no-2011, kuthiwa wayecela ukuziphathisa izimpahla bese ezihudulela emathuneni aseduze afike azidlwengule.

Umsolwa akasiye umfundi, wayehlala maduzane nendawo ekuhlala kuyo abafundi.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 12-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Scattered showers. More clouds than sun. Mild. PE: 14-21°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...