Unkosikazi uthi ingekho imbuzi ngeke lwenziwe ucansi

2015-07-13 09:32

Johannesburg - Umthandazi onguKabelo Tabane sekuphele izinyanga ezingaphezulu kwezine ebulawa yindlala yocansi njengoba encishwa wunkosikazi wakhe.

Kuthiwa uma encenga unkosikazi wakhe oyisangoma uvele anqabe, amtshele ukuthi kumele athengele abaphansi imbuzi ngaphambi kokuba benze ucansi.

NgoLwesine lo mlisa oneminyaka engu-40 ubudala waseThembelihle eLenasia, eGoli udinwe waze washisa izingubo zikankosikazi kanye neTV.

“Wayejwayele ukulala name kodwa manje useshintshile. Kungani? Ungunkosikazi wami futhi ngeke ngikwamukele okushiwo amadlozi akhe,” kusho uKabelo.

“Kuzomele alale nami noma aphume emzini wami.”

Funda nalolu daba: 'Babuyele ngobuningi babo kwi-IFP'

Lo mthandazi uthi ngeke athenge imbuzi yena ekubeni awakhe amadlozi engayifuni.

“Ukube ngangazi ukuthi ukumvumela ukuba ayokwethwasa kuzoba nalo mthelela empilweni yami, ngangingeke ngivume.”

Umthandazi lona uthi unkosikazi wakhe, uMartha Moashetsi,45, ngesikhathi ebuya kothwasa balwenza ucansi, akazi ukuthi manje yini le engaka esishintshile.

UMartha uthe ngeke umyeni wakhe aze amthinte nje kuze kube uthenga imbuzi, kubika iDailySun.

“Ngesikathi ngibuya kothwasa sathenga izinkunkukhu ezimhlophe eziyisithupha ukuze sishweleze kwabaphansi. Manje sebefuna imbuzi.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Numerous showers. Overcast. Mild. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...