Unkosikazi usindise umyeni wakhe begetshengwa
2013-01-14 10:03
Johannesburg - Owesifazane wase-Eastern Cape ulwe nesigebengu ebesihlomile, nesidubule umyeni wakhe esitolo sabo eMqanduli, ngokusho kombiko wangoMsombuluko.
IDispatch Online ibike ukuthi amadoda amabili, abegqoke izingubo ezimnyama, angene kulesi sitolo ngoLwesine ebusuku ngesikhathi uNolungile Wiwi edayisela amakhasimende.
"Bangena nami nganganaka, babegqoke kahle. Omunye wabo wakhipha u-R20 wathenga ugwayi. Kwathi kusenjalo waziphuthaza wakhipha isibhamu," esho etshela iDispatch Online.
"Ngisathuke kanjalo, ngamgxumela ngabamba isandla esiphethe isibhamu ngase ngitshela umyeni wami ukuba abaleke, kwathi kusenjalo saqhuma isibhamu sashaya umyeni wami emhlane."
Izigebengu lezi kuthiwa zabe seziphuma esitolo ngaphandle kokubaleka ngesikhathi uNolungile ehlaba umkhosi.
"Kunemikhondo esiyilandelayo okwamanje, kodwa asibazi abenzi bokubi," kusho okhulumela amaphoyisa uMajor Zamukulungisa
Jozana.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA