Unkosikazi kangqongqoshe ufuna izigidi behlukanisa

2013-02-08 10:04

Johannesburg - Unkosikazi kangqongqoshe weKhabhinethi ufuna izigidi njengoba laba behlukanisa, okubalwa isithabathaba somuzi ongabiza okungenani uR70 million.

La bashadikazi, angeke bakhishwe amagama ngenxa yemithetho ehambisana nokuhlukanisa umshado kuleli, bafuna ukuhlukanisa njengoba befake amaphepha eNkantolo eNkulu eSouth Gauteng, eGoli.

Encwadini efungelwe, owesifazane uthe: "Sibe nezinkinga eziningi emshadweni nebese zingasalungiseki, okubalwa ukuthi ungqongqoshe wayengihlukumeza ngokwenyama, umphefumulo nangokukhuluma futhi unesihluku."

Laba bese beshade iminyaka engu-20.

Ngaphezu komuzi, unkosikazi ufuna u-R3m wokuwufaka ifenisha, ukukhokhela ama-rates, intela, ugesi nezinye izikweletu nokuthi amhlinzeke ngemoto okungenani ka-R1 million njalo ngemuva kweminyaka eyisihlanu.

Uthi futhi ufuna ukuxhawulwa ngo-R50 000 njalo ngenyanga ngengane ngayinye, njengoba benezingane ezimbili esezikhulile nommangalelwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-25°C Isolated tstorms. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 14-19°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-21°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-25°C Numerous showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 17-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...