Unikwe ibheyili umfundisi osolwa ngokudlwengula

2012-12-04 16:33

Johannesburg - Unikwe ibheyili umfundisi waseSoweto, eGoli, obhekene necala lokudlwengula intombazane eneminyakka engu-12 ubudala, nokunukubeza amanye amantombazanyana amabili.

Umfundisi oneminyaka engu-62 ubudala, uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseProtea ngoLwesibili.

Imantshi imdedele ngebheyili ka-R6000, icala lahlehlela umhlaka-11 Januwari, kusho uWarrant Officer Kay Makhubela.

Umfundisi uboshwe ngesonto eledlule, kuthiwa wadlwengula ingane eneminyaka engu-12, wanukubeza ngokocansi abanye ababili abaneminyaka ephakathi kuka-13 no-15.

Ingane eyadlwengulwa yatshela uthisha wayo, kwase kutshelwa amaphoyisa.

Amanye amantombazane aphumela obala ngemuva kokubikwa kwalesi sehlakalo.





 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...