Unikwe ibheyili yesigidi uPistorius
2013-02-22 16:36
Pretoria - IMantshi eNkantolo yasePitoli uDesmond Nair unikeze u-Oscar Pistorius ibheyili ka-R1 million, eqala ngokuthemeleza elanda ubufakazi kusukela ngosuku lwesehlakalo.
Uye wadlula wakhumbula amacala akudala athi awafane naleli elibhekene nomsolwa, waye wayongena ezimpahleni zikamsolwa kanye namanani azo.
UPistorius ubhekene necala lokubulala intombi yakhe engunobuhle uReeva Steenkamp, owadutshulwa wabulawa esemzini kaPistorius mhlaka-14 Febhuwari.
"Okwamanje angeke ngathi umsolwa wakuhlela ukubulala intombi yakhe, nokho kuyangikhathaza ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi azibeke engcupheni yokulimala ngesikhathi esola ukuthi kunesigebengu endlini," kusho uNair endlalela isinqumo.
Umndeni kaPistorius ubuhlanganisa nobhuti wakhe omdala uCarl, kube ngudadewabo u-Aimee, abakade bengebahle kahle ebusweni ngesikhathi kufundwa isinqumo.
-“Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
-Landela
IzindabaNews24 kuTwitter