Unikezwe odilikajele ababili ngelokubulala
2012-04-05 14:09
Johannesburg - Owesilisa olahlwe yicala lokubulala owesifazane osekhulile nomzukulu wakhe eTholeni Village, eButterworth, unikezwe odilikajele ababili eNkantolo eNkulu yaseMthatha, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesine.
UMqwalaseli Mabhayi, 33, uthole odilikajele ababili neminyaka eyishumi ngokugqekeza, kusho uCaptain Jackson
Manatha.
UNtombomzi Gubevu, 70, nomzukulu wakhe uNonelwa
Gubevu, 12, batholwe bebulewe ekhaya labo ngomhlaka 22 Febhuwari 2009.
UMabhayi wabe eseboshwa emuva kwenyanga.
"Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo, kuvele ukuthi wabulala laba ngoba bengase babe ngofakazi ecaleni lokudlwengula, nalapho uMabhayi ayengumsolwa khona," kusho uManatha.
Ecaleni lokudlwengula uMabhayi watholwa engenacala.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA