Unikelele ngo-R10 million uMotsepe

2012-11-14 16:25

Johannesburg - Ukhisimusi usheshe wafika kubantu basemapulazini njengoba umacaphuma kusale onguPatrice Motsepe, egqoke izingubo zikaFather Christmas wase enikela ngesamba esingu-R10-million kubahlali namabandla.

Kusukela ngonyaka ka-2005, uMotsepe usenikele ngemali elinganiselwa ku-R85 million, ngaphansi kohlelo i-African Rainbow Minerals.

Inhlangano ehlomule kakhulu yiNational Women Development Trust, esinikelelwe ngo-R1.4-million.

Izinyunyana zabasebenzi ezihlanganisa iNational Education Health and Allied Workers Union neSouth African Democratic Teachers Union nazo azisalanga ngaphandle njengoba zinikelelwe ngo-R970 000, inyunyana ngayinye.

Izinyunyana sezanikelelwa ngo-R8.5-million, kusukela kwasungulwa lesi sikhwama.

Abanye abahlomulile kube yizinhlangano ezisemaphandleni aKwaZulu-Natal, iseLimpopo nase-Eastern Cape, zonke eziphiwe u-R970 000 inhlangano ngayinye, kwathi izinhlangano eziseMpumalanga, Northern Province, Free State naseNorth West zona zanikwa u-R364 000.

UMotsepe unikelele namabandla ahlanganisa iZion Christian Church, Grace Bible Church neMethodist Church, wawanika imali esuka ku-R485 000 iye ku-R150 000.

ISA Council of Churches yona inikelelwe ngo-R1-million



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kweqe abokufika abangu-16 esitokisini

Emizuzwini eyi-21 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 12-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-19°C High level clouds. Mild.
Dbn: 17-35°C Showers late. Afternoon clouds. Hot. PE: 14-21°C Partly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...