Ungumdayisi uLamola - Malema

2012-11-28 10:04

Johannesburg - Owabe engumengameli wophiko lwentsha ye-African National Congress uJulius Malema, usegxeke ibamba likamengemeli wophiko uRonald Lamola, wambiza ngomdayisi, kubika iphephandaba iThe Star.

"Usidayisile, uhambile wadela izivumelwano. Ngenxa yale ngqondo anayo, akasoze waba ngumholi wophiko lwabantu abasha," kusho uMalema etshela iphephandaba.

UMalema ugxeke isitatimende esenziwe nguLamola la khona ethe uphiko luzokweseka nanoma ngubani ozowina enkomfeni yokuqokwa kobuholi eMangaung.

"Akabuzwanga lutho, uyasuka uyakhuluma uthi bazokweseka nanoma ngubani, noma ngabe nguJacob Zuma. ULamola akasiye umuntu wokulalelwa uma ekhuluma, ungumdayisi angeke awumele umbono obekwayo," kuqhuba yena uMalema.

Ukhulume wathi kwamethusa ukubona uLamola ezomeseka ngesikhathi evela enkantolo wathi: " Angimdingi uLamola empilweni yami."

"Angimdingi, angenziwanga nguLamola mina. Akangazi nokuthi ngisukaphi. Angimdingi empilweni yami yangasese futhi angimdingi empilweni yami yezombusazwe."

ULamola akafunanga ukuphawula ngalokhu ngesikhathi ebuzwa yiphephandaba.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Light rain late. Mostly cloudy. Cool. Pta: 3-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-11°C Sunny. Cool. Bloem: -4-10°C Afternoon clouds. Cool.
Dbn: 11-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 7-19°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...