Ungqongqoshe uvume eyokubhubhudla imali

2013-02-20 14:02

Johannesburg - UNgqongqoshe wezeNhlalakahle eNorth West uMosetsanagape Mokomele-Mothibi uvumile ukuthi wasebenzisa u-R174 000 wemali yabakhokhintela ngesikhathi ehambele ingqungquthela ye-ANC eMangaung ngoDisemba, kusho umbiko ngoLwesithathu.

UMokomele-Mothibi uvumile esitatimendeni ukuthi wasebenzisa le mali ukukhokhela umngani wakhe nezinye izikhulu ukuba baye kule ngqungquthela ezimisele ngokuthi le mali uzoyikhokha lingakapheli isonto, kubika iBusiness Day.

Yena nezimenenja eziphezulu kulo Mnyango bavele ngaphambi kwekomidi elibhekelele izimali zesifundazwe ngoLwesibili, ngemuva kokuphuma kwezinsolo zokuthi waya kule nkomfa ngemali yabakhokhi bentela.

USihlalo wekomisi uHlomane Chauke uthe bakwamukele ukuvuma icala kukaMokomele-Mothibi.

Umholi weDemocratic Alliance eNorth West uChris Hattingh uthe leli cala kumele liye ophikweni olubhekene namacala aphathelene nezimali.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Bafuna kwengezwe eyekhefu labazithwele

Emizuzwini eyi-40 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-22°C Sunny. Mild. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...