Ungqongqoshe usolwa ngokuqasha abangani

2012-11-28 14:03
Yabelani Shicilela

Johannesburg - UNgqongqoshe woMnyango wezoLimo eLimpopo uJacob Marule kuthiwa uyingxenye yomkhonyovu othinta iholo lika-R1 million ngonyaka, ngezikhundla ekuthiwa "ngezabangani".

Izikhulu zoMnyango zithi isikhundla semenenja yoMnyango, kwezemisebenzi yasemapulazini, sanikwa osolwa ngokuba ngumngani kaMarule, uKgabo Masela.

Izikhulu ezimbili zithi lesi sikhundla saqanjwa kuze sizonikwa uMasela, kulandela ukuthi achayiswe emizamweni yakhe yokuba yinhloko yoMnyango ngenyanga kaJulayi.

“UMarule wayefuna lo mlisa athole umsebenzi ngoba babevele besebenza ndawonye kwiSishayamthetho,” kusho umthombo.

Isikhundla lesi kuthiwa asiphasisiwe futhi asitholi xhaso, lokhu kuthiwa kuphula umthetho kamgcinimafa, owanquma ukuthi zivalwe zonke izikhundla ezingalutholi uxhaso.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 15-22°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Cool. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...