Unesi ugonyuluka ngokudlwengulwa kwesiguli

2013-02-05 10:02

Johannesburg - Umhlengikazi wasesibhedlela eBloemfontein, wethule ubufakazi ngaphambi kweNkantolo eNkulu eBloemfontein, echaza ngalokho akwaziyo mayelana nezinsolo zokudlwengulwa kowesifazane owabe enesifo somdlavuza, nekuthiwa wadlwengulwa yinesi lesilisa, kubika iSowetan.

U-Elizma Oosthuizen utshele inkantolo ukuthi mhlaka-15 Okthoba 2011, wabe esebenza eNational Hospital, ngesikhathi ekuthiwa kwadlwengulwa ngaso isiguli esineminyaka engu-50 ubudala.

"Akaze singitshele ukuthi kwenzekani kanjani. Ummangali wathi inesi lesifazane lamcindezela phansi ngesikhathi elesilisa lizitika ngaye."

U-Oosthuizen uthi iziguli ezinomdlavuza zigcinwa zodwa zingahlanganiswa nezinye, uthi kwacishwa amalambu ngo-22:00 kwasala lawo asemagumbini eziguli nala kusebezela khona amanesi.

Umsolwa uKodisang Michael Moema uyaliphika leli cala lokudlwengula abhekene nalo.

Kuthiwa lona walala isiguli ngaphambili nangemuva, isiguli sabika isehlakalo kumyeni waso, owabe esevula icala.

Isiguli sathuthelwa eMedi-Clinic, sagcina ngokudlula emhlabeni, mhlaka-26 Novemba 2011.

Icala liyaqhubeka.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...