Unesi ubuyele enkantolo kwelokudlwengula
2013-02-08 08:04
Johannesburg - Uphindele eNkantolo eNkulu yaseBloemfontein osolwa ngokudlwengula isiguli esasibangwa nezibi sinesifo somdlavuza eNational Hospital, kuleli dolobha.
UKodisang Moema, 34, uwaphikile amacala amabili okudlwengula abekwe wona.
Udokotela wezengqondo u-Adri Krieger wethule ubufakazi ngoLwesithathu ukuthi isiguli, 50, sase sife isingezansi isikhathi esingangonyaka ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko esisolwayo.
UKrieger wathi kwaba nzima ukubona ukulimala kwesiguli nokukuchaza, wathi yize engeke asho ukuthi isiguli asidlwengulwanga futhi ngeke asho ukuthi sadlwengulwa.
Isiguli lesi sagcina ngokushona.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA