Unesi 'obephuzile' uthethise iziguli

2012-08-07 10:04

Cape Town - Owesilisa waseKapa uzwakalise ukushaqeka nokuphoxeka ngesigameko ohlangabezane naso esibhedlela esiseKhayelitsha, nathi ubone unesi obebukeka ecwile ezinkambeni zikaFaro ngesikhathi ehambise umama wakhe.

UMabhelandile Mankayi utshele iphephandaba iCape Argus ukuthi uyise umama wakhe eKhayelitsha Community Health Centre emuva kokukhala ngezinhlungu esifubeni nasesinyeni.

Uthi usale ebambe ongezansi ngesikhathi unesi obesebenza ebusuku ekhwela ezidilikela kuyena nomama wakhe kwaze kwangenelela ezinye iziguli.

Uthe uMankayi uma esondela kulo nesi wathola ukuthi unuka phu utshwala futhi ubenamehlo abomvu tebhu.

“Uvele wadinwa ubala, kwamina angikholwanga. Bengilokhu ngizibuza ukuthi ngabe ngiyinyathelephi. Ngithe uma ngimbukisisa ngathola ukuthi ukhothile."

Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni uthe akukona okokuqala unesi etholakale ephuzile emsebenzini njengoba omunye wake waxoshwa eminyekeni emithathu eyedlule.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...