Unesi kwelokudlwengulwa kwesiguli

2012-10-01 14:04

Johannesburg - Uvalelwe unesi wesilisa osolwa ngokudlwengula owesifazane okhulelwe esibhedlela iTaylor Bequest, eMount Fletcher ngesonto eledlule, kusho uMnyango wezeMpilo esifundazweni.

Lesi siguli esineminyaka engu-25 ubudala sangeniswa esibhedlela ngesonto eledlule ngesikhathi sihlangabezana nezinkinga ekukhulelweni kwaso.

"Kunezinsolo ezithi lona wesifazane waba nokugula thizeni, wase esizwa yilo nesi ngoLwesihlanu, nangoMgqibelo kwaphinda kwamhlasela futhi ukugula," kusho okhulumela uMnyango uSizwe Kupelo.

"Ekubuyeleni kwakhe esibhedlela ngoMgqibelo, inesi lathi akaye ethoyilethe, kukholakala ukuthi labe selimdlwengula."

UKupelo uthe unesi oneminyaka engu-45 ubudala, bekulindeleke avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMatatiele ngoMsombuluko.

UMnyango kuthiwa uhlongoza ukumisa emsebenzini lo msolwa.

"Angeke avumeleke ukuthi axhumane nommangali kuze kuba kuphothulwa uphenyo," kusho uKupelo.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 12-26°C Morning clouds. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...