Umzali utalabhe uthishanhloko
2013-01-16 07:54
Johannesburg - Ukunqaba kukathishanhloko ukuthi abafundi abafeyile u-matric baphinde izifundo zabo kuphele ngokuthi umzali obewotha ubomvu amthele induku eLimpopo.
Kuthiwa lo thishanhloko ushaywe phambi kothisha nabafundi, kubika iSowetan.
Lesi sigameko senzeke eManoe Secondary School eGaKobe ngoMsombuluko.
Umthombo ongaphakathi kulesi sikole uthe umzali ungene ngemuva komthandazo wasekuseni waya ehhovisi lika-Aubrey Molokomme.
Kuthiwa usole uMolokomme ngokunqaba ukuthi indodakazi yakhe iphinde ibanga leshumi, wase eqala embhabhadisa ngezimpama.
Uthishanhloko wakwazi ukubaleka, walanyulelwa ngamaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Hangwani Mulaudzi ukuqinisekisile lokhu kodwa wathi alikho icala elivuliwe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24