Umyeni kwelokubulawa kukankosikazi ona-17

2013-01-28 12:03

Johannesburg - Umakoti oneminyaka engu-17 ubudala, ogane usomabhizinisi oneminyaka engu-44 ubudala, utholakale eshonile emzini wakhe oseProea Glen, eSoweto.

Umyeni walona ungumsolwa ophambili ecaleni lokubulawa kwakhe, kusho umbiko weSowetan.

Umufi engeke lidalulwe igama lakhe kuze kwaziswe izihlobo, utholakale evalwe umlomo futhi eboshiwe.

Iziqashi ebezihlala kulo muzi, zithi zezwa abashadikazi bexabana, kodwa zanganaka ngoba zazi ukthi awukho umuzi ongenazinkinga zawo.

"Umyeni wakhe wasitshela ukuthi kunomuntu ekwakumele ahlangane naye ngelanga ashona ngalo," kusho iziqashi zitshela iphephandaba.

Isihlobo sikamufi sithi iyethusa indlela umkhwenyana enza ngayo ngesikhathi sitheleka.

"Wavele weqa uthango wagijima wangena ngomnyango wangemuva, wafica isidumbu somkakhe phakathi endlini, wase ebiza amaphoyisa."

Abashadikazi babopha elikasofasilahlane ngoMeyi nyakenye, kuthiwa bebengakaze babike zinkinga emshadweni wabo.

Okhulumela amaphoyisa aseSoweto uWarrant Officer Kay Makhubela, uqinisekise ukuboshwa komsolwa.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-29°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Scattered showers. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...