Umuthi obenze banolaka abavukuzi - Umbiko

2012-08-21 10:06

Johannesburg - Abavukuzi basemayini iLonmin eseMarikana, eRustenburg, baba nolaka bavuka umbhejazana ngemuva kokuthi baphuze umuthi kakhokhovula wenyanga eyaziwayo endaweni, kusho umbiko.

“Ngemuva kokusebenzisa umuthi baba nolaka bangakhuzeka. Bebefuna impi kuphela, bebezizwa beyiziqhwaga ezingeke zahlulwa yilutho,” kusho umvukuzi uBulelani Malawana, etshela iphephandaba iDaily Dispatch.

“Umuthi ububiza inkulungwane yamarandi, ngiwunqabile ngoba angikholelwa kuwo," echaza.

Abavukuzi ababili abasinde kudutshulwa ngoLwesine batshele iphephandaba bathi bebekholwa wukuthi uma besebenzise umuthi wenyanga uNzabe, angeke inhlamvu yesibhamu ingene.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 13-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C Scattered showers. Increasing cloudiness. Cool. PE: 10-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...