Umunyu umama ebuka izingane zifa
2012-12-13 12:06
Durban - Owesifazane waKwaZulu-Natal obebhalwe umunyu ebusweni ulandise ngobuhlungu bokulahlekelwa yizingane zakhe ezimbili ngesikhathi imvula icekela phansi umuzi wakhe, eChatsworth.
UNtsika Lamle, 14, nodadewabo uSlindile, 5, bebelele ngesikhathi bewelwa yizimbokodo namathayi amadala emjondolo wakubo, kubika iDaily News.
Izikhukhula zidlule nemiphefumulo yabantu okungenani abangu-12 abanye kulesi sifundazwe ngenxa yezimvula zangoMsombuluko ebusuku.
Iwele likaSlindile, uLindokuhle, yena usindile kulesi sibhicongo.
Umama wabo, uNomafu Lamle, nobamba amatoho emajalidini, usakhungathekile ngokushona kwezingane zakhe ngale ndlela.
Uthe ubezama ukuvala izimbobo ezingenisa amanzi ngesikhathi ezwa umsindo.
“Ngibe sengigijima, uma ngifika endlini izingane zimbozwe wudaka," esho.
Uthi ngesikhathi esehlenga izingane, esizwa ngomakhelwane, bezingasabonakali.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24