Umsolwa waqamba amanga kolwaseModimolle
2012-11-21 14:04
Pretoria - Lowo owaba yisisulu sokudlwengulwa kuphindelelwa u-Ina Bonette uthi waqala ukungamthembi uJohan Kotze ngesikhathi eqamba amanga ngokuthi unesifo somdlavuza, kulalele iNkantolo eNkulu yasePitoli ngoLwesithathu.
Uthi wayexhumene nalabo abahlonza izifo emzimbeni womuntu ngenxa yomsebenzi awenzayo, nokuyilapho athola khona ukuthi uKotze uqambe amanga, nokwaholela ekutheni kugqashuke ifindo likasofasilahlane.
Uthi wayengakaze ambone njengomuntu onobungozi nonodlame kuze kube uyamhlukumeza waphinde wabulala nendodana yakhe.
UKotze, Andries Sithole, Pieta Mohlane noFrans Mphaka
basolwa ngokubulala indodana kaBonette, uConrad, ngoJanuwari nonyaka nokuthumba, ukudlwengula nokuzama ukubulala uBonette.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA