Umshumpule ikhanda efuna ukuthaka ngalo umuthi
2013-02-13 16:33
Phindile Sibiya, Daily Sun
Johannesburg - Izingane zitshelwe ukuthi aziyolala, kwathi ngemuva kwemizuzwana zingene egumbini lazo, zezwa isililo sikanina obekhala ngesikhathi eshumpulwa ikhanda.
Umbiko weDaily Sun uthi uPhumeza Madikane,38, ubulawe ngesaha, imbazo kanye nomese abathathu, kwathathwa ikhanda lakhe lafakwa kupulasitiki.
Indodana yakhe eneminyaka engu-14 ubudala, yiyo ethole isudumbu sikanina, yaphuma ngewindi yayobiza amaphoyisa aseDaveyton, Ekurhuleni.
Amaphoyisa akwazile ukushesha afike, abhadama indoda nekhanda, isasendlini yangasese.
Ngokusho kukaCaptain Alfred Nakana, umsolwa utshele amaphoyisa wathi ubefuna ikhanda likaMadikane, kuze ezothaka ngalo umuthi wokuceba.
Umsolwa bekulindeleke avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseBenoni ngoLwesithathu.
- Thola ezinye
izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun
kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Daily Sun