Umshayeli wetekisi uyitholile ibheyili
2011-12-20 13:18
Cape Town – Umshayeli wetekisi, uJacob Humphreys owatholwa enecala lokubulala izingane ezingu-10, uyitholile ibheyili eNkantolo ePhakeme yaseWestern Cape ngoLwesibili.
Ummeli kaHumphreys, uJohann Engelbrecht uthe iJaji, uSiraj Desai umnikeze ubheyili ka-R20 000 ngoLwesibili enkantolo.
"UJaji Desai uyandile ibheyili yakhe, wamunikeza ithuba lokulwa isigwebo sakhe esinikezwe nguJaji Robert Henney," ushilo u-Engelbrecht.
UHumphreys wayehambisa izingane esikoleni ngo-Agasti 25 ngesikhathi itekisi lakhe lishayiswa yisitimela eBlackheath ngaseKapa. Kwashona izingane ezingu-10, kwalimala ezine.
IJaji, uHenney weNkantolo ePhakeme yaseWestern Cape wathola uHumphreys enecala lokubulala, watholwa enamacala amane mayelana elokuzama ukubulala.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA