Umshayeli ubophe iphoyisa ebelidakiwe

2013-01-17 10:02

Pietermaritzburg - Umshayeli waseMgungundlovu uvalele iphoyisa abelicwile ezinkambeni zikaFaro evenini yalo, kubika iphephandaba iBeeld ngoLwesine.

URussell George wasePrestbury uthe wabona iveni yamaphoyisa ihamba kabi emgwaqeni ngeSonto ebusuku.

"Le veni yajika kuVictoria Road, yabhekana nezimoto ezivela ngakolunye uhlangothi. Kuthe kusenjalo, yama. Ngabe sengiphuma emotweni ngamubuza ukuthi wenzani."

Leli phoyisa labe selibaleka ngemoto, uGeorge walihlala emsileni, wafonela ku-10111.

UGeorge uthi iveni yaphinde yama futhi wase eqonda ngqo kuleli phoyisa elaliphuzile.

"Utshwala babuzwakala, wanqaba ukuphuma emotweni ngase ngimphuca okhiye bakhe. Ngamkhipha emotweni ngamfaka ngemuva."

Ngokukalowo owazibonela uKhanyi Mnikathi, uthi leli phoyisa lathi belizalwa futhi linikwe abangani balo utshwala. Laqala lakhihla isililo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Joey Jeevan ukuqinisekisile ukuthi iphoyisa liboshiwe ngemuva kokudala ingozi nokukhomba intombi yalo ngesibhamu bexabana.


 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...