Umshana kwelokubulala umalume

2013-01-07 15:04

Johannesburg - Kuboshwe indoda eneminyaka engu-26 ubudala, ngezinsolo ezithi igwaze yabulala umalume wayo, kusho amaphoyisa aseKatlehong, eGauteng.

Kukholakala ukuthi indoda lena ixabane nomalume yase imgwaza imbulala.

Ngokusho kukaCaptain Mega Ndobe, umalume oneminyaka engu-40 ubudala, ushonele endaweni yesehlakalo.

"Kukholakala ukuthi indoda ixabane nomshana, obe esedonsa umese eyigwaza kwesingenhla,” kusho uNdobe.

Umsolwa uboshwe ngemuva kwemizuzwana kwenzeke isehlakalo, umese ekukholakala ukuthi usetshenziswe ukubulala, ubufihlwe ekhabetheni.

Lona uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge, maduzane
 


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili engozini e-KZN

Emizuzwini eyi-27 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 9-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-18°C Showers early. Decreasing cloudiness. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...