'Umsebenzi omkhulu' ukuvula iphalamande: Zuma

2011-02-10 07:42

Johannesburg - UMengameli wakuleli uJacob Zuma ukuthatha njengomsebenzi obalulekile ukwethula inkulumo ebhekiswe esizweni, esho emsakazweni mayelana nokuvulwa kwePhalamende ngoLwesine.

"Uvuka nje, uyazi ukuthi unomsebenzi omkhulu emahlombe akho," kusho uZuma ekhuluma emsakazweni iSAfm ngoLwesine ekuseni.

"Isizwe yisona esikubeka la kanti futhi silindele ukuzwa usibikela ukuthi ubuwenzani, uphinde usho nokuthi usazosenzelani ngemisebenzi oyibona phambi kwamehlo akho.

"Ngakho ke, uyazilungiselela ukuthi ngizobe ngikhuluma nesizwe -- nokuyinkulumo ebaluleke kunazo zonke," kusho uZuma.

Ube esethola izingcingo eziqhamuka kubantu bakuleli ezimcela ukuthi enkulumweni yakhe athinte ubugebengu, inkohlakalo nemfundo.


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C More clouds than sun. Cool. PE: 10-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...