'Umsebenzi awuhlolwa ngokubhalwa kwabashayeli'

2013-02-20 12:02

Cape Town - UMasipala waseKapa usuphike wama ngentaba ukuthi usebenzisa amathikithi omgwaqo abhaliwe, ukuhlola indlela amaphoyisa omgwaqo asebenza ngayo.

Lokhu kuza ngemuva kokuputshuka kwama-email abephakathi kwezimenenja zaseMandela Park, abethi iphoyisa nephoyisa kumele lilethe amathikithi asuka ku-15 kuya phezulu ngosuku.

Ama-emails abhawe umhlaka-29 Januwari, abhekiswe kubaphathi ezindaweni ezahlukene.

OseKomidini lezokuPhepha nokuVikela kuMasipala uJP Smith, uthi idolobha laseKapa lingelinye lamadolobha ambalwa angenawo lo mgomo wokukhishwa kwamathikithi, kuze kuzohlolwa ukusebenza kwamaphoyisa omgwaqo.

“Izibalo sizibona ngezinga lokwehla kwezingozi zomgwaqo, ezehla unyaka nonyaka. Yileli kuphela idolobha elinezibalo ezinhle kuleli," kusho uSmith.

Yize noma ebeqinisekisa ukuthi abawuhloli umsebenzi wamaphoyisa ngokubhalwa kwamathikithi, uSmith uthi akukho okuyiphutha ekuholeni umsebenzi ngale ndlela, inqobo uma kuzokwenziwa ngendlela.

UYagyah Adams oseKomidini lezeziMali kuMasipala nokunguye okhiphe lama emails, ewakhombisa abezindaba zeCape Argus, uthi namanje usaweseka amaphoyisa omgwaqo.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Widely scattered tstorms. Afternoon clouds. Mild. PE: 15-20°C Passing showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...