Umphezulu ubulale ababili eKZN

2012-10-31 10:10

Durban - Umndeni waseNdwedwe usale uphithene amakhanda kulandela ukushona kwezingane zawo ezimbili kwathi ezinye zathola ukulimala ngesikhathi zishaywa umbani wezulu esigodini saseMaqokomela, eThekwini, ngoMsombuluko ebusuku.

UThandeka Dube, 20, obenza ibanga leshumi kanye nodadewabo omncane uFikisiwe, 9, bebeya esitolo ukuyothenga behamba nengane kaThandeka enonyaka owodwa kanye nomakhelwane wabo uSandile Dube, 19, ngesikhathi kwehla lo mshophi ngezithuba zabo-19:00.

UThandeka, obebelethe ingane yakhe ushonele khona lapho kwathi uFikisiwe, obenza u-Grade 4, washona esalinde i-ambulansi emzini oseduze.

Ukushona kwalaba ababili sekubeke isibalo sabashonile bebulawa yizulu kwabayisishiyagalombili selokhu kuqale ihlobo eKZN.

ULungisani Dube, ongumalume wabashonile, uthe laba bebeyothenga esitolo ngesikhathi behlelwa yilokhu.

“Belina kakhulu liduma bashaywa umbani," Dube.

Umakhelwane, uFaith Khuzwayo Dlamini uthe ngesikhathi ezwa ngalesi sehlakalo yena kanye nabanye omakhelwane baphuthume kule ndawo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kulimale 3 kubanjwa inkunzi eGoli

Emizuzwini eyi-37 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...