Umphakathi weseka owabulala intombi

2013-01-04 11:02

Johannesburg - Iphoyisa likaMasipala waseGoli eladubula labulala intombi yalo nomngani, lithole ukwesekwa ngumndeni, abangani kanjalo nozakwabo ngesikhathi livela ngaphambi kwenkantolo.

USimphiwe Mbatha, 30, ubhekene namacala amabili okubulala namane okuzama ukubulala, lona wadubula wabulala intombi yakhe u-Elaine Lenong nomlisa ekukholakala ukuthi uyishende lentombi.

Umsolwa uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseProtea, kumanje ugqunywe esitokisini kuze kuba ubuyela enkantolo mhlaka-14 Januwari.

"Kusethusile ukuboshwa kwakhe, ubephoqelekile ukuthi agcine ebulele,” kusho ozichaze wathi ungugogo uMargie.

Ozakwabo bakamsolwa bakhulume nabezindaba bathi wonke umuntu ubazi ukuthi intombi kaMbatha iwuhlupho.

Bonke bachaze uMbatha njengomuntu olungile futhi ophansi, kuphela obegajwe yintukuthelo.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 20-31°C More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 18-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...