Umphakathi uyaveva ngokudlwengulwa kwezingane

2013-05-06 14:03

Durban - Izakhamuzi zaKwaMashu, eThekwini, ziyaveva ukudinwa futhi zithi zikhathazekile ngezingane zazo ngemuva kokudlwenvulwa kwamantombazanyana ayisishagalombili, nahlala ngandawonye, eyodwa yawo ineminyaka emithathu ubudala.

Umlisa, 35, ovele eNkantolo yeMantshi eNtuzuma ngoLwesihlanu, ngecala lokudlwengula, usihoxisile isicelo sebheyili, watshela imantshi ukuthi uyesaba ukuthi uma ededelwa angase ehlelwe yinto embi, kubika iDaily News.

Icala lakhe lihlehliselwe uLwesihlanu ukuze kuqhutshwe uphenyo.

Kukholakala ukuthi lo mlisa, ongeke lidalulwe igama lakhe okwamanje ngoba engakalivumi icala, uphenywa nangamanye amacala ayisikhombisa, kodwa akakathweswa wona.

Izinkumbi zabantu zibuthanele enkantolo ukuzobona umsolwa nokuzobhikisha.

Inkantolo ibigcwele phama, izikhamuzi ebezimemeza zithuka umsolwa ngesikhathi engena enkantolo.

Ezinye izakhamuzi zizame ngisho ukweqa uthango ukuze zimbone kahle, kodwa zayeka ngesikhathi uSomlomo wesiShayamthetho esifundazweni, uPeggy Nkonyeni, ecela ukuba behlise imimoya.

UNkonyeni ubesenkantolo kanye namalungu e-ANC Women’s League ukuzokweseka omama bezingane.

Ngemuva kokuboshwa komsolwa ngenyanga edlule, kwabikwa ukuthi kudlwengulwe ezinye izingane ezimbili, ezineminyaka eyisithupha neyisishagalolunye ubudala.

NgoLwesihlanu, umthombo osondelene nophenyo uthe, kusukela ngalelo langa, ziningi izisulu esezivele ngaphambili zithi zadlwengulwa.

Ngenxa yaleso sizathu, amaphoyisa asunxuse izakhamuzi ezisola ukuba izingane zazo zidlwenguliwe, zivule amacala emaphoyiseni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter






- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 18-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-25°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-23°C More clouds than sun. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...