Umphakathi utitinye umsolwa e-E Cape
2012-09-24 15:04
Johannesburg - Owesilisa
obesolwa ngokunukubeza ingane usesibhedlela kulandela ukushaywa ngumphakathi
obudinwe ugane unwabu KwaNobuhle, e-Uitenhage, kusho amaphoyisa ase-Eastern
Cape ngoMsombuluko.
NgoMgqibelo
ubaba womfana oneminyaka emihlanu ubudala udukelwe umfana wakhe, kusho uLieutenant
Colonel Priscilla Naidu.
Ubaba
kanye nezakhamuzi zibe seziqala ukumthuthanga, zamthola ngokuhamba kwesikhathi
ehamba nowesilisa.
Umphakathi
uqale ngokumbonga lona wesilisa, kodwa kuthe uma esehamba, ingane yathi
umdlwengulile.
Ubaba
womfana ube esemjaha wambamba, umphakathi wabe usuyamkholisa ngenduku.
Umfana
kanye naye lo wesilisa bangeniswe esibhedlela.
Umsolwa
uzovela enkantolo maduzane, kusho uNaidu.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA